Imililo Yequbula EColorado
I-Airbnb.org isebenzelana ne-Mile High United Way ukuze inikeze izindawo zokuhlala zamahhala, zezimo eziphuthumayo kubantu abalahlekelwe amakhaya abo ngenxa ye-Aspen Acres Fire, i-Ferris ne-Doe Canyon Fire, i-Gold Mountain Fire, i-Snyder Fire, ne-Willow Fire.Izakhamuzi ezithintwe imililo yequbula zingafaka isicelo sendawo yokuhlala ngokuqondile uma ikhaya lazo eliyinhloko lisendaweni okuphoqelekile ukuba kubalekwe kuyo, futhi singaqinisekisa ukuthi ungubani. Kumelwe ube ne-akhawunti ye-Airbnb ukuze uqinisekise ukuthi ungubani, uma ungenayo ungayivula lapha. Uma unesaziso sokuba ubaleke noma isixwayiso sokuthi kuzobalekwa endaweni, okwamanje awukakufanelekeli ukuthola indawo yokuhlala yezimo eziphuthumayo nge-Airbnb.org.
Uma ungathanda ukusiza ekunikezeni izindawo zokuhlala zamahhala kubantu abakhahlamezwe imililo yequbula, unganikela ku-Airbnb.org. Yonke iminikelo iya ngokuqondile ezindaweni zokuhlala zezimo eziphuthumayo. Uma ungumbungazi we-Airbnb, ungavula i-akhawunti ukuze unikeze izindawo zokuhlala ezinezaphulelo ezakhamuzini ezikhahlamezekile. I-Airbnb inikela ngamanani ayo wamasevisi ombungazi ku-Airbnb.org kulokhu kuhlala futhi inikeza ababungazi i-AirCover ekubhukheni ngakunye.