December 2022

Sisungula umhlaba ozizwa usekhaya kuwo

Umdwebo ka-Helen Li

Umgomo we-Airbnb.org uwukuthola indlela yokwabelana ngendawo yokuhlala, izidingo zokuphila, nosizo uma ludingeka. Kodwa abantu abazitholi lezi zinsiza ngokulinganayo. Yingakho sizibophezele ekwamukeleni abantu abahlukahlukene, ukulingana, ukungabandlululi, nezidingo zabanokukhubazeka emsebenzini wethu wansuku zonke.

Izibophezelo zethu eziyisisekelo ze-DEIA

Ngo-April 2021, i-Airbnb.org yamemezela izibophezelo ezintathu eziyinhloko zokwamukela abantu abahlukahlukene, ukulingana, nokungabandlululi. Lezi zibophezelo zilawula ubuhlobo esinabo nezivakashi naBabungazi; ukusebenzelana kwethu nezinhlangano ezingenzi inzuzo nama-ejensi kahulumeni; kanye neqembu lethu le-Airbnb.org.

Njengenhlangano, sizibophezele kulokhu:

  1. Ukugxilisa uhlelo nomsebenzi wethu kubantu abavela emiphakathini ebukelwa phansi enomlando wokungazitholi izinsiza eziningi ngenxa yokucindezelwa ngokwezenhlalo, ngokwesiko, ngokwezomnotho nangokwezepolitiki.
  2. Ukusebenzela ukuqinisekisa ukuthi noma isiphi isivakashi esingena ku-Airbnb.org sithola ikhwalithi efanayo yamasevisi nezindawo zokuhlala.
  3. Ukwakha iqembu eliqeda ukwahlukana nokungalingani, okuhlanganisa, njengesiqalo, ukuthi ngasekupheleni kuka-2025 okungenani amaphesenti angu-33 ezisebenzi zethu zase-US zizoba abantu abaphansi abangamelelwa ngokwanele.

Ngo-2022, sikhuphule isidingo sokufaka izidingo zabanokukhubazeka njengengxenye ezimele yodwa yesibophezelo sethu; sizosibuyekeza isibophezelo sethu ngokuqondene nalokhu ngo-2023.

Nansi indlela esifeza ngayo isibophezelo sethu

Ukuze sihlangabezane nezibophezelo zethu zamanje ze-DEIA:

  • Ukusebenza nezinhlangano zasemiphakathini nalezo ezingenzi inzuzo ezifeza izibopho ezifuze ezethu zokulingana. Uma kuba nenhlekelele, amaqembu ethu azama ukusebenza nezinhlangano zendawo ezisiza imiphakathi ekhishwa inyumbazane. Sisanda kuxhumana nezinhlangano ezinjengalezi:
    • I-Each One Teach One, esiza abantu abanokukhubazeka nezakhamuzi ezingezona ezase-Ukraine ezingasenamakhaya ngenxa yempi yase-Ukraine
    • I-Black Women for Black Lives, eyasiza abafundi base-Afrika abangu-2,000 e-Ukraine ngezindawo zokuhlala zamahhala ngaphandle kwalelo zwe
    • I-ORAM, engaphansi kwe-Alight, esize abantu be-LGBTQ+ ababaleke e-Ukraine ukuba bathole izindawo zokuhlala nosizo lwezenhlalo e-Berlin nakwamanye amadolobha ase-Europe
  • Ukusebenzelana nochwepheshe abahamba phambili ekwamukeleni abantu abahlukahlukene nokulingana ukuze basisize sihlaziye futhi sithuthukise umsebenzi wethu kulezi zibophezelo. Uphathina oyisisekelo yi-We All Count, inhlangano ephromotha indlela yokucwaninga egxile ekulinganeni. Ngo-2022, isize i-Airbnb.org yaqhuba ucwaningo lokuqonda kangcono lokho okwenzeke kubantu abathole izindawo zokuhlala zesikhashana ngezikhathi zobunzima nge-Airbnb.org. Ngalolu lwazi, sihlela indlela esenza ngayo ukuze ilandelele inqubekela phambili yethu futhi iqinisekise ukuthi sihlangabezana nesibophezelo sethu.
  • Ukufaka izindlela ezigxile ekulinganeni emsebenzini wethu. Izimiso zethu zokuxoxa indaba ngendlela ephephile nezigxile ekulinganeni zisiqondisa ekusunguleni izindaba ezimayelana nomsebenzi esiwenzayo nezivakashi zethu, aBabungazi, nophathina. Sibambisene ekwenzeni izinqumo ezinobuciko, ekuhlonipheni izilimi zabantu nendlela abakhetha ukuba zivezwe ngayo.
  • Ukuqinisekisa ukuthi ukuzibophezela kwethu ekulinganeni kudluliselwa nasezisebenzini. Umgomo wethu, ngasekupheleni kuka-2025, uwukuba okungenani amaphesenti angu-33 ezisebenzi zethu zase-US kube abemiphakathi ekhishwa inyumbazane. Sichaza imiphakathi ekhishwa inyumbazane yase-US njengaleyo ehlobene nohlanga olulodwa noma ngaphezulu kulezi ezilandelayo: amaNdiya aseMelika noma aboMdabu base-Alaska; abaseMelika abaNsundu noma base-Afrika; abantu abakhuluma iSpanishi noma isiLathini; aboMdabu base-Hawaii noma abaseziQhingini zase-Pacific.

    Lapho senza lesi sibophezelo ekuqaleni, imiphakathi ekhishwa inyumbazane yayingamaphesenti angu-19 ezisebenzi zethu zesikhathi esigcwele. Kusukela ngo-September 30, 2022, imiphakathi ekhishwa inyumbazane ibe amaphesenti angu-28 ezisebenzi zesikhathi esigcwele ze-Airbnb.org. Siyazi ukuthi kudingeka umsebenzi oqhubekayo ukuba kufezwe, kulondolozwe, futhi kukhuthazwe amakhono ahlukahlukene ukuze siqhubeke sizuza emibonweni engafani, futhi sizoqhubeka sikubeka kuqala ukulingana ekuqasheni nasekugcineni izisebenzi.

Sizibophezele ekucabangeni izindlela ezintsha zokuqokomisa ukulingana emsebenzini wethu, sibe negalelo emiphakathini ebhekane nobunzima, futhi sakhe umhlaba onesisekelo sokuzizwa usekhaya nokuvuseleleka.

Umdwebo ka-Helen Li