Umgomo wethu uwukuthola indlela yokwabelana ngendawo yokuhlala, izidingo zokuphila, nosizo uma ludingeka.
Iminyaka engaphezu kwengu-8, i-Airbnb isize abantu ngezikhathi zobunzima ngohlelo oluthi Izindlu Zezinhlekelele. I-Airbnb.org iyisahluko esilandelayo. Siyinhlangano engenzi nzuzo eyi-501(c)(3) enomgomo wethu kanye nebhodi labaqondisi.

Indlela esiqalise ngayo.

2012
October

Umqondo waqhamuka kumbungazi

I-New York City yahlaselwa yiSiphepho u-Sandy, esinye seziphepho ezinamandla kunazo zonke emlandweni. U-Shell, umbungazi we-Airbnb e-Brooklyn, wathintana ne-Airbnb wacela ukunikela ngendlu yakhe mahhala kubantu abangenazindawo zokuhlala. Iqembu le-Airbnb lasebenza amahora amaningi ukuze lisheshe liyenze itholakale kubantu abangenandawo yokuhlala, futhi ngokushesha ababungazi abangaphezu kuka-1,000 bavulela abantu abaswele amakhaya abo.

Owesifazane onezinwele ezigoqene umi ekhishini. Uyamomotheka futhi ugqoke iphinifa elinemibala egqamile.
Isithombe esithathwe phezulu sezindlu ezonakele ngemva kweSiphepho u-Sandy
2013
June

I-Airbnb yenza kube lula ukuthi ababungazi abengeziwe bakwazi ukulekelela

I-Airbnb isungula ithuluzi lokusiza ngesikhathi senhlekelele elivumela aBabungazi emhlabeni wonke banikeze ngamakhaya abo mahhala uma kunezinhlekelele.

2015
April – May

Ababungazi emhlabeni wonke bavulela izisebenzi ezisizayo amakhaya abo

I-Airbnb iyasiza ekuzamazameni komhlaba kwase-Nepal futhi ababungazi bamukela iqembu labo lokuqala lezisebenzi ezisizayo, nezisebenzi ezivela kwa-All Hands and Hearts.

May – September

I-Airbnb isebenza nezinhlangano ezingenzi nzuzo ukuze iqonde indlela engasiza ngayo

Kwakhiwa ubuhlobo ne-Federal Emergency Management Agency (FEMA) ukuze kusizwe ekusakazeni izinsiza zokulungela izimo eziphuthumayo kubabungazi nasezivakashini. E-Greece nase-Balkans, i-Airbnb iqala ukusebenza ne-Mercy Corps ne-International Rescue Committee ukuze inikeze izisebenzi ezisizayo ezichayeke kakhulu enkingeni yababaleki base-Syria.

I-Airbnb nayo iqala ukunikela ngezibonelelo zezindawo zokuhlala ezinhlanganweni ezingu-15+ ezidinga izindawo zokuhlala zamaklayenti noma izisebenzi zazo, okubandakanya i-Service Year Alliance, i-Make-a-Wish, ne-Summer Search.

2016
June

Umphakathi wababungazi uyasabela ekudubuleni kwase-Pulse nightclub

Ngesicelo sikahulumeni, i-Airbnb, i-Uber, ne-JetBlue bahlangana ukuze banikeze izindawo zokuhlala, izindiza, nezokuthutha ezihamba phansi zemindeni efika ngendiza ize emingcwabeni noma ivakashele izihlobo zayo esibhedlela. Bekungokokuqala umphakathi wababungazi uzinikela ekubungazeni abantu abathintekile ekudutshulweni kweningi ngezibhamu.

September

I-White House isungule Ukuthathwa Kwesinyathelo Kokuhileleka Kwezinkampane Ezizimele okuqondene Nenkinga Yababaleki Emhlabeni Wonke. I-Airbnb iyaphendula. Omunye wabasunguli be-Airbnb u-Joe Gebbia ubengomunye wezikhulu ezingu-20 ebezimenywe nguMongameli u-Obama ukuze kwenziwe izibophezelo enkingeni yababaleki.

November

I-Airbnb ibambisene ne-Make-a-Wish ngomgomo wokunika umndeni owodwa ngosuku indawo yokuhlala ngo-2017.

2017
January

I-Airbnb yenza isibophezelo ku-International Rescue Committee

Isabela emyalweni wokumisa konke ukungena kwababaleki nokuvala okwesikhashana abantu abavela emazweni ayisikhombisa agcwele amaSulumane, i-Airbnb izibophezela ekunikezeni izindawo zokuhlala kulabo abathintwe yilokhu kuvinjelwa. I-Airbnb ithi izonikela ngo-$4 million phakathi neminyaka engu-4 ku-International Rescue Committee ukuze isekele izidingo zezindawo zokuhlala zabantu abangenamakhaya.

June

I-Airbnb ivula ngokusemthethweni Izindlu Zezinhlekelele

NgoSuku Lwababaleki Lomhlaba Wonke, i-Airbnb imemezela ukuthi izoyiphinda kabili imizamo yayo yokunika izindawo zokuhlala ngeZindlu Zezinhlekelele. Uhlelo lusize umphakathi wababungazi ukuba unikele ngezindlu mahhala kubantu abathintwe izinhlekelele noma ababalekela impi.

August – September

Umphakathi usiza abantu abangaphezu kuka-20,000 namuhla

Umphakathi weZindlu Zezinhlekelele usabela ezinhlekeleleni ezingu-4 izikhathi zilandelana. ISiphepho u-Harvey siba isiqalo esikhulu somphakathi wababungazi. Ngenyanga nje eyodwa, ababungazi basiza abantu abangaphezu kuka-2,000 abalahlekelwa izindlu ezifundazweni ezingu-3. Ngesikhathi esifanayo, ababungazi bavula amakhaya abo kulabo abathintwe yiSiphepho u-Irma, iSiphepho u-Maria, nokuzamazama komhlaba e-Mexico City.

2018
September

I-Airbnb imemezela uhlelo lwezindawo zokuhlala izivakashi ezigulayo

Ku-Biden Cancer Summit, i-Airbnb imemezela uhlelo lwezindawo zokuhlala zezokwelapha olubambisene ne-Hospitality Homes, i-Fisher House, ne-Make-A-Wish. Ngalolu hlelo, umphakathi weZindlu Zezinhlekelele ungahlinzeka ngezindawo zokuhlala zamahhala kulabo abahamba amabanga amade ukuze bathole ukwelashwa.

November

Ababungazi basabela emililweni yequbula emibili ehlukene e-California

Ngemva kweMililo yase-Camp neyase-Woolsey e-California, ababungazi abangaphezu kuka-2,500 bavula amakhaya abo, futhi abantu abangaphezu kuka-2,300 bathola indawo yokuhlala.

2019
May

I-Airbnb yakha indlela yababungazi yokuba banikele ukuze basekele iZindlu Zezinhlekelele

Ababungazi babefuna izindlela ezengeziwe zokubamba iqhaza eZindlini Zezinhlekelele. Ngenxa yalokho, i-Airbnb imemezela inkundla yeminikelo evumela ababungazi banikele ingxenye yomholo wabo kophathina abangenzi inzuzo beZindlu Zezinhlekelele ukuze kukhokhelwe izindawo zokuhlala zalabo abazidingayo.

2020
January

Ababungazi banikela ngezindawo zokuhlala kubantu abangaphezu kuka-1,000 abathintwe imililo yequbula yase-Australia e-New South Wales nase-Victoria. Lokhu kuphawula ukuvulwa kweZindlu Zezinhlekelele emhlabeni wonke eziningi kunazo zonke kuze kube namuhla.

March

Umphakathi wababungazi usabela kubhubhane lwe-COVID-19

I-Airbnb imemezela indlela yababungazi yokunika izisebenzi zezempilo izindawo zokuhlala nabosizo lokuqala ababhekene ngeziqu zamehlo nobhubhane.

April

I-Airbnb ikhulisa inkundla yayo yokunikela, ngakho noma ubani angenza umnikelo ezinhlanganweni ezingenzi inzuzo ezisiza izisebenzi ezichayeke kakhulu ukuba zithole indawo yokuhlala.

December

I-Airbnb imemezela i-Airbnb.org

I-Airbnb isungula i-Airbnb.org, futhi ijabulela wonke umsebenzi omuhle owenziwe ababungazi nophathina ngeZindlu Zezinhlekelele. Njengenhlangano engenzi inzuzo ezimele, i-Airbnb.org izogxila ekusizeni abantu babelane ngezindlu nezinsiza ezikhathini ezinzima.

2021
April

Ukungacwasi, ukungakhethi, nokungabandlululi kusemqoka

Ukuze kusungulwe umhlaba ongenalo ubandlululo, i-Airbnb.org imemezela kuwonk'uwonke izibophezelo ezilandelanayo zokuba negalelo ekungacwasini, ukungakhethi, nokungabandlululi.

August

I-Airbnb.org yamukela ababaleki base-Afghanistan

I-Airbnb.org izibophezela ekunikezeni izindawo zokuhlala zesikhashana kubabaleki abangu-20,000 base-Afghanistan emhlabeni jikelele. Imali exhasayo ivela kubanikeli abakhulu kanye ne-Airbnb. I-Airbnb.org isebenzelana ngokuseduze nama-ejensi nophathina bezofuduko ukuze isabele kulesi simo esishintsha masinyane.

December

I-Airbnb.org ifinyelela ingqophamlando yokuhlalisa izivakashi ezingu-100,000

Ngo-2017, iqembu elalizoba yi-Airbnb.org lafeza umgomo odinga isibindi wokunikeza izindawo zokuhlala zesikhashana ezivakashini ezingu-100,000 ngezikhathi zobunzima. Ngo-December 2021, i-Airbnb.org yenza okungaphezu kwalowo mgomo.

2022
February

Ababaleki abangu-20,000 base-Afghanistan bathola izindawo zokuhlala zamahhala, zesikhashana

Ezinyangeni eziyisithupha ngemva kokumemezela ukuzibophezela kwayo ekunikezeni indawo yokuhlala yamahhala, yesikhashana ezifikini zase-Afghanistan, i-Airbnb.org iwufinyelele umgomo wayo wokunikeza ababaleki abangu-20,000 izindawo zokuhlala. Ngenxa yomoya wokupha waBabungazi abathatha isinyathelo ngokunikeza amakhaya abo mahhala noma ngenani elinesaphulelo, i-Airbnb.org iyakwazi ukunikeza izindawo zokuhlala kwezinye izifiki zase-Afghanistan ezingu-1,300.
September

I-Airbnb.org isiza abantu abangu-100,000 ababaleka e-Ukraine ukuba bathole izindawo zokuhlala

Ngemva kokuba iRussia ihlasele i-Ukraine ngo-February 2022, abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-6 babaleka kulelo zwe. Ngaleyo nyanga, i-Airbnb.org izibophezele ekutholeleni abangu-100,000 babo izindawo zokuhlala zesikhashana, futhi izinhlangano ezingaphezu kuka-40 ziyasijoyina kulo mzamo. Ngenxa yosizo oluvela kuBabungazi nabantu abanikelayo emhlabeni wonke, i-Airbnb.org ihlangabezane nomgomo wayo ezinyangeni eziyisithupha futhi iyaqhubeka nokuzibophezela ekutholeleni abantu ababaleka e-Ukraine izindawo zokuhlala.
Owesilisa ogqoke ihembe eliluhlaza okwesibhakabhaka uphethe inkomishi yekhofi njengoba emi kuvulandi wakhe ebheke umkhathizwe.
Owesilisa ogqoke ihembe eliluhlaza okwesibhakabhaka uguqe eceleni kwebhayisikili, uvula ingidi ebukeka njengohlamvu oluthi U.
2023
February

I-Airbnb.org iyasabela ekuzamazameni komhlaba e-Türkiye nase-Syria

Ngemva kokuba ukuzamazama komhlaba okubili okunamandla angu-7+ kuhlasele i-Türkiye ne-Syria, i-Airbnb.org ixhumanisa abasindile abangaphezu kuka-1,600 ngezindawo zokuhlala zamahhala, okuhlanganisa izisebenzi ezisizayo nabezimo eziphuthumayo abalahlekelwe amakhaya abo, kanye nababaleki base-Syria ababezinze eningizimu ye-Türkiye ngemva kokubaleka empini esezweni lakubo.
Abantu ababili bahlezi kusofa, bancike komunye nomunye. Ukukhanya kwelanga kuyangena ngamakhethini angemuva kwabo.
Indoda, owesifazane nengane bayafunda ndawonye kusofa. Ingane idla iveji elisawolintshi ngesikhathi ibheke phezulu kowesifazane.
June

I-Airbnb.org imemezela uMsebenzi Wokuxhasa omusha

I-Airbnb.org isungula uMsebenzi Wokuxhasa ngo-$2 million USD wokusekela ababaleki nabadinga ukukhoseliswa abahlala kabusha e-US.
August

Abantu abangaphezu kuka-1,800 abathintwe yimililo yase-Maui bathola izindawo zokuhlala zezimo eziphuthumayo

Ngemva kokuba umlilo wequbula ucekele phansi i-Lahaina nezingxenye eziMaphakathi Nezwe zesifunda sase-Maui, i-Airbnb.org ibambisana nezinhlangano ezinokwethenjelwa kanye noMnyango Wezamasevisi Abantu weSifundazwe sase-Hawai'i ukuze isize abantu abangaphezu kuka-1,800 ngezindawo zokuhlala zamahhala zezimo eziphuthumayo.
Abantu bakha isiyingi bebambene ngezandla ngesikhathi bemi ebhishi phambi kwamanzi.
Owesifazane omomothekayo udansa i-hula ngaphansi kwezibani zezintambo. Umndeni uhlezi ngemuva kwakhe etafuleni lepikiniki udla isidlo sakusihlwa.

Nansi ibhodi yethu.

Jennifer Bond

‘I-Airbnb iwabonisile amandla okuxhumana kwabantu nokwamukela abantu ongabazi. I-Airbnb.org inomgomo wokusebenzisa lawo mandla ekushintsheni ukuphila nokuguqula umhlaba wethu. Kuyilungelo ukuba ingxenye yalolo shintsho.’

Joe Gebbia

‘Kungihlaba umxhwele lokho okwaqala ngomyalezo ovela kumbungazi, futhi kwaba inhlangano yabantu abangu-100,000 abavulela umphakathi wabo amakhaya abo. Kulezi zikhathi ezibucayi, lo msebenzi ubaluleke kakhulu kunanini ngaphambili.’

Sharyanne McSwain

‘Indawo yokuhlala ingesinye sezidingo eziyisisekelo kunazo zonke futhi ngohlelo lwabo iqembu le-Airbnb.org linikela ngezindawo zokuhlala ngezikhathi ezidingeka kakhulu ngazo.’

Catherine Powell

‘Ngokusebenzelana ngokuseduze nophathina bayo naBabungazi, i-Airbnb.org ibone igalelo layo likhula ngokuphawulekayo futhi muva nje isanda kusabela kwezinye zezidingo ezinkulu kunazo zonke. Ngibusisekile ngokuqinisa ubuhlobo bami ne-Airbnb.org njengeLungu Lebhodi.’

Rich Serino

‘Ngizibonele mathupha isidingo sezindawo zokuhlala zesikhashana ngemva kwenhlekelele, futhi i-Airbnb.org iye yasindisa futhi yashintsha ukuphila kwabantu futhi izoqhubeka ikwenza ngokusiza ngezindawo zokuhlala zesikhashana.’

Melissa Thomas-Hunt

‘Ukunikela ngezindawo zokuhlala lapho abantu becindezelekile kungesinye sezenzo ezibonisa ubuntu nozwela umuntu angazenza. Kuyangijabulisa ukuba yingxenye yalo msebenzi obaluleke kangaka noshintsha ukuphila.’

Jocelyn Wyatt

‘Kwangijabulisa ukujoyina iBhodi le-Airbnb.org ngenxa yegalelo elikhulu engikholelwa ukuthi singaba nalo ngokunikeza abantu izindawo zokuhlala nezinsiza kulabo abazidingayo.’

Indlela esisebenza ngayo.

Ukubambisana nezinhlangano ezingenzi inzuzo

I-Airbnb.org inikeza izibonelelo ezinhlanganweni ezingenzi inzuzo ezixhumanisa abantu nezindlu zesikhashana, izinsiza, nosizo olukhethekile ngezikhathi zenhlekelele. Sinikeza nezindlu zamahhala nezinezaphulelo ezivela emphakathini wababungazi be-Airbnb.

Ukutshala imali yezinto esingabanikazi bazo

Sikholelwa ekusebenziseni amandla nezinsiza zethu ekunikeleni emhlabeni onobulungisa. I-Airbnb.org ithembele ezinhlanganweni ezinezixazululo nezinhlelo ezihambisana nokuzibophezela kwethu kokuthuthukisa ukuphathwa kahle kwabantu emphakathini.

Ukuqonda igalelo lethu

Sinomgomo wokukala igalelo lezimali zethu nohlelo lwezindlu ukuze sithuthukise inhlalakahle ngokuqondene nokusebenzelana kwengqondo nomphakathi, ukunciphisa umthwalo wezezimali, nokuqinisa umphakathi nokukhululeka kwezivakashi.

Ubuhlobo nesibonelelo

I-Airbnb.org ayizamukeli izicelo zezimali okwamanje. Sizokwabelana ngemininingwane emayelana nomjikelezo ozayo wemali yeqolo ngokuqondile nezinhlangano ezingenzi inzuzo ezifanelekayo.

Indlela esisebenzelana ngayo ne-Airbnb, Inc.

I-Airbnb.org iyinhlangano engenzi inzuzo ezimele nesekelwa umphakathi ye-501(c)(3). I-Airbnb.org inegalelo ebuchwephesheni, amasevisi nezinye izinsiza ze-Airbnb, Inc. ngaphandle kwezindleko ukuze kufezwe injongo yokusiza ye-Airbnb.org. I-Airbnb.org iyinkampane ehlukile ezimele ye-Airbnb, Inc. I-Airbnb, Inc. ayikhokhisi izindleko zesevisi yezindawo zokuhlala ezisekelwayo ze-Airbnb.org enkundleni yayo.

Uhlelo Lwezindlu Zezinhlekelele lusungulwe yi-Airbnb, futhi luncike emoyeni wokupha wababungazi be-Airbnb, njengendlela yokusiza abantu abaswele bathole izindawo zokuhlala zesikhashana. Uhlelo Lwezindlu Zezinhlekelele okwamanje lushintshelwa ku-Airbnb.org, futhi i-Airbnb.org izokwakhelwa emizamweni yohlelo, ehambisana nenjongo nomgomo ongaguquki we-Airbnb.org wokusiza.