Nikela
Siza i-Airbnb.org inikeze izindawo zokuhlala zamahhala, zezimo eziphuthumayo ngemva kwezinhlekelele ezinjengemililo noma izikhukhula noma obunye ubunzima obunjengokuhambela ukunakekelwa kwezokwelashwa. Yonke iminikelo ixhasa izindawo zokuhlala zezimo eziphuthumayo.
Usungumbungazi we-Airbnb kakade? Yipha njalo lapho ukhokhelwa

Yonke iminikelo ixhasa ngokuqondile izindawo zokuhlala zezimo eziphuthumayo
Nikela manje
Kuyashesha futhi kuvumelana nezimo
I-Airbnb.org isiza ekunikezeni izindawo zokuhlala zesikhashana, zezimo eziphuthumayo ngamahora ambalwa nje kuphela. Ababungazi, ophathina, nabantu abasekelayo benza lokhu kwenzeke.

Ekhaya langempela
Iminikelo yakho ixhasa izindawo zokuhlala zezimo eziphuthumayo ngezinto ezisiza abantu ukuba balulame—njengekhishi, ilondolo, noma indawo yezingane noma yezilwane ezifuywayo.

Ukusekela imiphakathi
Ngenxa yokuthi iminikelo ixhasa izindawo zokuhlala, imali ihlala emiphakathini ethintekile ebunzimeni, okusiza wonke umuntu ukuba alulame.
Izindlela zokunikela
Ikhasi 1 kwangu-1
Bona igalelo
Ngokuhlanganisa amandla obuchwepheshe nawomphakathi, i-Airbnb.org inikeze ubusuku obuyizigidi ezingu-1.6 bezindawo zokuhlala zamahhala, zezimo eziphuthumayo kusukela ngo-2020.
Bona igalelo
Ngokuhlanganisa amandla obuchwepheshe nawomphakathi, i-Airbnb.org inikeze ubusuku obuyizigidi ezingu-1.6 bezindawo zokuhlala zamahhala, zezimo eziphuthumayo kusukela ngo-2020.
Ikhasi 1 kwangu-1
Umnikelo ongu-$110 usiza ekunikezeni ubusuku obubodwa bendawo yokuhlala yezimo eziphuthumayo.


Imibuzo Evame Ukubuzwa
Kungani kudingeka unikele ku-Airbnb.org?
I-Airbnb.org isiza abantu bathole izindawo zokuhlala zamahhala zezimo eziphuthumayo ngezikhathi ezibucayi njengezinhlekelele zemvelo. Uma unikela, wonke umnikelo wakho uya ekuxhaseni izindawo zokuhlala zabantu abathintekile—hhayi ezindlekweni zokusebenza.Kusebenza kanjani lokho? Izindleko zokusebenza ze-Airbnb.org zikhokhelwa yi-Airbnb, okuyiyona eyayisungula ekuqaleni. Manje i-Airbnb.org isebenza njengenhlangano ezimele eyi-501(c)(3) yase-U.S.
Isebenza kanjani iminikelo?
Kunezindlela ezingaphezu kweyodwa zokunikela ku-Airbnb.org:
- Unganikela ngewebhusayithi ye-Airbnb.org kanye noma ngokuphindaphindiwe.
- Unganikela futhi njengombungazi we-Airbnb, unikele ngamaphesenti athile alokho okutholayo ngokufake ku-Airbnb ngokusetha umnikelo wokukhokhelwa kombungazi. Ungayeka noma nini kumasethingi e-akhawunti yakho ye-Airbnb.
Ingabe kudonswa intela eminikelweni?
Iminikelo eya ku-Airbnb.org, okuyinhlangano engenzi nzuzo eyi-501(c)(3) yase-US, idonswa intela e-US ngezinga elivunyelwa umthetho.
- E-United States, iminikelo eqondile yemali idonswa intela
- EMexico, idonswa intela ngezinga elivunyelwa umthetho
- E-United Kingdom, ayidonswa intela futhi ayikufanelekeli ukuthola i-UK Gift Aid
- E-Australia, ayidonswa intela eminikelweni
Ngingawumenenja, ngiwushintshe, noma ngiwukhansele kanjani umnikelo wami?
Uma unikela ngokuqhubekayo, uzothola amarisidi e-imeyili avamile. Vula i-imeyili yakho yakamuva bese ukhetha ilinki ethi “Menenja Umnikelo Wakho.” Uzoyiswa ekhasini lapho ungashintsha, umise okwesikhashana, noma ukhansele umnikelo wakho.
Bangaphinde baphe kanjani ababungazi be-Airbnb?
Ababungazi bawusizo olukhulu ekusizeni i-Airbnb.org inikeze izindawo zokuhlala zezimo eziphuthumayo ngezikhathi zenhlekelele noma zobunzima emiphakathini yendawo. Uma ungumbungazi nge-Airbnb, ungasiza noma unikele ngezindlela ezimbalwa:
- Bhalisela isaphulelo sokuhlala kwe-Airbnb.org, okusho ukuthi ukulungele ukunikeza ukuhlala okunesaphulelo noma kwamahhala ezivakashini ze-Airbnb.org
- Uma okufake ku-Airbnb kubhukhelwe ukuhlala kwe-Airbnb.org, nikeza isivakashi isaphulelo esisodwa ngesikhathi esidinga usizo ngaso
- Nikela ngokusetha umnikelo wokukhokhelwa kombungazi, onikela ngamaphesenti athile emalini ngayinye oyikhokhelwayo; ngaphandle kokukhokhelwa okuhlukanisiwe kwezinhlobo ezimbili noma ngaphezulu zokukhokha
Kungani isilinganiso senani singu-$110 ubusuku ngabunye?
Ekuhlaleni kwe-Airbnb.org ku-Airbnb eminyakeni emihlanu edlule, u-$110 USD uyisilinganiso sezindleko zokubhukha emhlabeni jikelele ngobusuku obubodwa.






