Ukuzamazama Komhlaba E-Indonesia
Ngo-August 18, ukuzamazama komhlaba okuthathu kwagadla e-Indonesia phakathi namahora angu-24. Ukuzamazama komhlaba okunamandla kakhulu kwakunesilinganiso sika-7.7 futhi kugadle ogwini lwase-Flores. Ukuzamazama komhlaba kwalandelwa ukunyakaza okungaphezu kuka-230 okulandela ukuzamazama komhlaba kanye nesixwayiso se-tsunami.I-Airbnb.org ibambisana ne-Caritas Indonesia ukuze inikeze izindawo zokuhlala zamahhala, zezimo eziphuthumayo kwabosizo lokuqala nakubantu abaswele.
Uma ungathanda ukusiza ekunikezeni izindawo zokuhlala zamahhala kubantu abakhahlamezwe ukuzamazama komhlaba, unganikela ku-Airbnb.org. Yonke iminikelo iya ngokuqondile ezindaweni zokuhlala zezimo eziphuthumayo. Uma ungumbungazi we-Airbnb, ungavula i-akhawunti ukuze unikeze izindawo zokuhlala ezinezaphulelo ezakhamuzini ezikhahlamezekile. I-Airbnb inikela ngamanani ayo wamasevisi ombungazi ku-Airbnb.org kulokhu kuhlala futhi inikeza ababungazi i-AirCover ekubhukheni ngakunye.