U-Els unguMbungazi e-Rome obungaza umbaleki nge-Airbnb.org.

Siza ekuhlaliseni ababaleki abangu-100,000 ababalekayo e-Ukraine

Nikeza izindawo zokuhlala mahhala noma ngesaphulelo nge-Airbnb.org, noma nikela ukuze usize isikhwama sethu sezimali sikhule.

Usizo lwakho luyawenza umehluko

I-Airbnb.org ixhasa izindawo zokuhlala zesikhashana zabantu abangaba ngu-100,000 ababalekayo e-Ukraine. Sisekela izivakashi zethu ezingababaleki kungakhathaliseki izwe, uhlanga, ubuzwe, noma indlela umuntu abhekwa ngayo.

Ungasiza ngokunikeza izindawo zokuhlala zesikhashana mahhala noma ngesaphulelo nge-Airbnb.org, noma ngokunikelela ukuxhasa izindawo zokuhlala.

U-Linda, uMbungazi e-Dallas, wamukele ababaleki nge-Airbnb.org.

Nikeza indawo yokuhlala

Qala ukubungaza izivakashi mahhala noma ngesaphulelo.

Indlela ukubungaza okusebenza ngayo

  • Uzonikeza umbhede ontofontofo namasevisi ayisisekelo nomaphi kusukela ezinsukwini ezimbalwa kuya emavikini ambalwa. Funda kabanzi ngokubungaza izivakashi ezingababaleki
  • I-Airbnb.org ingophathina nezinhlangano ezingenzi inzuzo ezihlola ukufaneleka kwezivakashi ezingababaleki futhi izisize ngaphambi, phakathi, nangemva kokuhlala kwazo.
  • I-Airbnb inikeza aBabungazi abane-AirCover: U-$1 million USD womshwalense wezindleko, u-$3 million USD wokuvikelwa emonakalweni, nokunye—akunazindleko ezikhokhwa aBabungazi. Imikhawulo ethile kanye nokungabandakanywa kuyasebenza.
U-Fode uyisivakashi esingumbaleki esihlale noMbungazi e-Italy nge-Airbnb.org.

Yonke iminikelo isiza ekusingatheni isidingo esibucayi ekuhlaleni kwezimo eziphuthumayo kulabo ababalekayo e-Ukraine nezinye izinhlekelele.

Indlela iminikelo esebenza ngayo

  • Wonke umnikelo wakho uzosiza ekutholeleni abantu izindawo zokuhlala zesikhashana.
  • Izindawo zokuhlala zimahhala ngokuphelele ezivakashini zohlelo lwethu.
  • Iminikelo ikhishwa intela ngezinga elivunyelwe ngaphansi kwemithetho yentela yendawo yakini.
U-Josue ubungaza nge-Airbnb.org ekwamukeleni abantu ababalekela izinhlekelele eziningi.

Udinga usizo?

Asinikezi izindawo zokuhlala ngokuqondile kumuntu ngamunye okwamanje. I-Airbnb.org isebenza nabanye ophathina abayizinhlangano ezingenzi inzuzo ababhukha futhi bahlele izindawo zokuhlala zezivakashi ezingababaleki.

Lokho ophathina bethu abayizinhlangano ezingenzi inzuzo abakwenzayo

Ophathina bethu bayizinhlangano ezingenzi inzuzo ezisiza ekwamukeleni ababaleki. Lezi zinhlangano zisiza amaklayenti azo ekutholeni izindawo zokuhlala nokunye. Izicelo zezinhlangano ezingenzi inzuzo zamukelwa ngokwesimemo kuphela.

Okwenziwa yi-Airbnb.org

I-Airbnb.org inikeza imali yeqolo nobuchwepheshe kophathina bethu abayizinhlangano ezingenzi inzuzo, abahlela izindawo zokuhlala zesikhashana zamaklayenti azo.

Ophathina bethu

  • HIAS
  • I-International Organization for Migration (IOM)

Indlela i-Airbnb enikela ngayo

Ukusiza Ababungazi

I-Airbnb inikeza aBabungazi abane-AirCover: U-$1 million USD womshwalense wezindleko, u-$3 million USD wokuvikelwa emonakalweni, nokunye—akunazindleko ezikhokhwa aBabungazi. Imikhawulo ethile kanye nokungabandakanywa kuyasebenza.

Ukuxhasa ukuhlala

I-Airbnb nezinkampane ezinikelayo banikela izimali zezindawo zokuhlala kwesikhashana zababaleki abangaba ngu-100,000 ababalekayo e-Ukraine.

Ukuhoxisa izindleko

I-Airbnb ihoxisa izindleko zaBabungazi nezivakashi kukho konke ukuhlala kwe-Airbnb.org kwababaleki.